Skip to main content

Zulu - God-given Breath

Page 1

Ukuphefumula Okuvela KuNkulunkulu Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Dumisani uJehova. IHubo 150:6

I-Pentateuch UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngothuli lomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo. Genesise 2:7 Futhi, bheka, mina, yebo, mina, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni, ukubhubhisa yonke inyama okukhona kuyo umoya wokuphila, phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzokufa. Genesise 6:17 Zangena kuNowa emkhunjini, ngazimbili kuzo zonke izilwane, okukhona kuzo umoya wokuphila. Genesise 7:15 Konke okwakukhona emakhaleni okuphefumula kokuphila, kwakho konke okwakusemhlabathini owomile, kwafa. Genesise 7:22 Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho, awuyikusindisa lutho oluphefumulayo: Duteronomi 20:16

Umlando Ngakho uJoshuwa washaya lonke izwe lamagquma, nelaseningizimu, nelasesigodini, nemithombo, nawo wonke amakhosi alo; akashiyanga noyedwa osindile, kodwa wabhubhisa konke okuphefumulayo, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayemyalile. Joshuwa 10:40 Babulala bonke ababekuyo ngosiko lwenkemba, babaqothula; akusalanga muntu ophefumulayo; washisa iHasori ngomlilo. Abantwana bakwa-Israyeli bazithathela yonke impango yale mizi nezinkomo; kodwa babulala wonke umuntu ngosiko lwenkemba, baze babaqeda, abashiyanga noyedwa ophefumulayo. Joshuwa 11:11,14 Kwabonakala imisele yolwandle, kwambulwa izisekelo zomhlaba, ngokusola kukaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe. 2 Samuweli 22:16 Kwathi esebusa, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, akashiyanga noyedwa ophefumulayo kuJerobowamu, waze wamqeda, njengezwi likaJehova alikhuluma ngenceku yakhe u-Ahiya waseShilo: 1 AmaKhosi 15:29 Kwathi ngemva kwalezi zinto, indodana yowesifazane, inkosikazi yendlu, yagula, ukugula kwayo kwaba kubi kakhulu kangangokuthi kwakungasekho moya kuyo. 1 AmaKhosi 17:17


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Zulu - God-given Breath by Filipino Tracts and Literature Society Inc. - Issuu