Edendale Eyethu 04 04 14

Page 12

Gogo Tryphina

12

Izindaba

Edendale Eyethu 04 Ephreli 2014

Ezesifundazwe UMadonsela uthi abe-ANC bazincengela kumengameli ngegama lakhe UMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela ngesikhathi enengxoxo ekhethekile ne-Independent Newspapers ubalule ukuthi kukhona amalunga e-ANC agiya ngethambo lakhe ngokukhipha kwakhe umbiko ngeNkandla, nathi akwenza lokhu ngoba ezincengela kuMengameli wezwe

uMnuz Jacob Zuma ukuze ezowanika izikhundla emva kokhetho. Uphinde wagxeka uSotswebhu welibusayo, uMnuz Stone Sizani ngokumhlasela, nathi uyazincengela, ukuze angasali esengenamsebenzi ngemva kokhetho. Kungenzeka uMagwaza-Msibi angabuyeli kwesobuMeya IMeya yesifunda saseZululand uNkk Zanele Magwaza-Msibi uveze ukuthi kungenzeka angabuyeli esikhundleni sakhe sobumeya emva kokhetho oluzayo. Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yentuthuko eMahlabathini, nokuyilapho ebalule khona ukuthi umangabe iqembu lakhe i-NFP lithole amavoti anele, uzoyomela abalandeli bakhe ePhalamende eKapa. UMagwaza-Msibi ngesikhathi ethula inkulumo, iphinde wabalula nezinhlelo esezenzile ukuthuthukisa abantu baseZululand. Umphakathi uzobeka uvo ngabesiShayamthetho Inhlangano emelele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commision (IEC) isinxuse umphakathi ukuba uhambele emahhovisi ayo, ukwazi ukubheka uhlu lwababekwe ngamaqembu ezepolitiki ukuba bayowamela esiShayamthetho, bakhalaze uma bebona kungabafanele. Kuhanjiswe amagama angu- 9000 kulenhlangano,

ekhishwa ngamaqembu ezepolitiki angu-29. Ayikazonyuka inzalo mboleko yeBhange Lombuso Ukuqhubeka kweziteleka nezinkinga ezilethwa wukunqamuka kukagesi kubalwa njengezinye zezinkinga ezenza ukuba irandi lingenzi kahle nokwenze iBhange Lombuso linqume ukuba inzalo mboleko kumabhange azimele iqhubeke nokuba liyibeke ku-5,5%. UNksz Gill Marcus onguMphathi weBhange loMbuso uthe kungenzeka ukuba ngokuzayo ikhuphuke inzalo yemali mboleka, okuyinto engeke yenzeke okwamanje njengoba isimo somnotho kuleli sintengantenga. Bathole ibheyili abasolwa ngokubulala indodana yowe-NFP UMnuz Mbhasobheni Biyela onguSihlalo we-IFP, uMnuz Mbongiseni Khanyile, uMnuz Mnyama Gumede noMnuz Masiza Biyela abasolwa ngokubulala uMnuz Siphamandla Gwala ngo-2012 banikwe ibheyili ka-R3 000, umuntu ngamunye. Bebevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma. Bayalelwe ukuba bangasondeli kufakazi njengoba ukwenza njalo kungenza kuhoxiswe ibheyili yabo. Luyaqhubeka uphenyo ngebhilidi lasoThongathi Ikhomishini ebekelwe ukuphenya ngokudilika kwebhilidi lenxanxathela yezitolo oThongathi kulelisonto iqhuba uphenyo lwayo, nezophinde iqhubeke nalo izinsuku ezintathu kusukela ngomhlaka 2 BABA BONKOSI Ephreli. Uma selwenziwe WUDOKOTELA OSEBENZA ngokuphelele, NGEMIMOYA kuzolungiswa umbiko ozonikwa • Buyisa Isithanadwa sakho • Thola Ingane 3 days ungqongqoshe • Imali Esheshanyo 1 day wezabasebenzi • Imagie Esheshamyo 1 day nomqondisi • Imagie ring nyohuthando ehhovisi • Belka Mina Ngedwa lokushushiswa, • Khulisa Indukuibe na Mandla kuphawulwe • Buyisa Impahla Elahlekili ngawo.

Cell: 084 087 73 160 / 060 610 9054

SIYAKHULA DRIVING SCHOOL

LEARNERS LESSON COURSE

R200 DRIVING LESSONS: FULL AND HALF COURSE CODES: C1/CODE 10 AND CB/CODE 8

9 Wilson Street, PMB (Next to Laager Centre) Tel: 076 792 4487


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.